12 - Isigcawu seshumi nambili
Published online by Cambridge University Press: 11 November 2021
Summary
(Ngokusa, uZama udliwa yimicabango.)
ZAMA: Ilanga lami lokugcina lapha ekhaya namhlanje. Ngizothatha izimpahla zami ngibhekise amabombo kwagogo. Akukho ukwenza ngokunye. Umama ukubeke kwacaca ukuthi akasangidingi kula magceke. Kudela owaziyo ukuthi ubuhlobo bami nomama buyophetha kanjani! (Aguqule umcabango.) Nx! Lokhu okunguThemba kucabanga ukuthi kuyini nje ngempela? Kungicasule kabi sekungibelesela ukuba ngiphuze isiphuzo ebengisi-odile ngesikhathi sengibuya endlini encane. Angazi nje nami ukuthi yini eyenze ngicabange ukuthi akasiphuze yena. Uvele wangimangaza nje esejuluka ubala. Inkukhu ivele yawusola umgqakazo lapha kimi. Ngisizile ngokubelesela ukuba asiphuze yena. Angiphinde ngivume ukuhamba naye. Ngiyawehla manje lo mdlalo kaMzwakhe. Kuzothi lapho sesisikhulu lesi sisu abantu bacabange ukuthi ngesikaThemba. Phela bona abazi ukuthi mina angeke nje ngazalela ingane leli xoxo elinguThemba. (Athi ukuhleka kancane.) Ngikubone sekubipha sengathi kuphuziswe inhlaba. Yilapho ngibone khona ukuthi ukhona umuthi abengifakele wona ufeleba lo.
(UMzwakhe noZama baxoxa nogogo kaZama.)
GOGO: (Esho ngokucasuka okukhulu.) ONomathemba laba baze baba yizinto ezingcono bo! Umntwana uthi angakhulelwa bese eyantshingwa. Akunandaba wena mzukulu, uzohlala lapha uze ubelethe.
ZAMA: Ngibonga ngiyanconcoza gogo wami omuhle. Bese ngibona nje ukuthi selingishonele.
GOGO: Unyoko yena uzongifunda angiqonde. Kwayena wamitha eseyintombazanyana, kodwa akaxoshwanga ekhaya. Mameshane! Unyoko ngabe ungihlolelani nje nempela?
MZWAKHE: (Evalelisa.) Ilanga selishonile bakithi. Sengicela ukunishiya.
ZAMA: Ngiyabonga ukungiletha lapha. Sengiyozwa ngawe-ke uku…
GOGO: (Engenelela.) Uhambe kahle mfana wami. Mina ngilithandile iqiniso lakho. Akusho ukuthi uZama useyanuka njengoba ekhulelwe. Ukhumbule ukuthi igazi lakho leli alithwele. Ubobuya phela fana uzosibona.
MZWAKHE: (Esephuma ngomnyango.) Noma kanjani, ngizobuya gogo. Nisale kahle.
(Aphume aqonde kubo.)
- Type
- Chapter
- Information
- Iqonde Kuphi le Ndlela? , pp. 51 - 52Publisher: University of South AfricaPrint publication year: 2012