15 - Isigcawu seshumi nanhlanu
Published online by Cambridge University Press: 11 November 2021
Summary
(Kusehhotela, u-Adolf ukhuluma noKK akazi ukuthi usecushiwe ngoba u-Adolf usevele uboshiwe.)
KK: (Emxhawula.) Kunjani Adolf? Ngithemba ukuthi uhambe kahle.
ADOLF: Cha ngihambe kahle. Akuzange kuze kube khona nkinga.
KK: Kwenzenjani, wajuluka? Uphethwe umalaleveva yini?
ADOLF: Akukho lutho. Ngisola sengathi ngingenwa umkhuhlane.
KK: Angikutholele ithothi eyodwa yeJack Daniel’s. Umkhuhlane uzohlukana nawe kancane bese siqhubeka nebhizinisi lethu.
ADOLF: (Ezihlekisa.) Ngingayijabulela mfowethu.
KK: (Ememeza.) Weta, ngicela ungiphe enye ithothi. (Ilethwe.) Ungehlisa udenda mfowethu.
ADOLF: Ngiyabonga KK, mhlawumbe nalo mkhuhlane uzophela njengoba usho. (Aphuze.) Akuphi-ke amadayimane owaphethe? Noma uPuseletso angitshela ukuthi uyindoda ethembekile ngifuna ukuzibonela ukuthi awungithengiseli amadayimane-mbumbulu.
KK: Ngizowadlulisela kuwe ngaphansi kwetafula, bese uwahlola esemathangeni akho ukuthi awangempela yini.
ADOLF: (Awahlole.) Sengizibonele, awangempela.
(Kuqhamuke amaphoyisa ehlome eyizingovolo. Abakhombe ngezibhamu ezinkulu. UKK asukume ethi uyabaleka.)
PHOYISA 1: Ungalokothi uzame ukubaleka. Ngizokusakaza ubuchopho bugcwale itafula manje. Ngiyabona wena ucabanga ukuthi kusiniswa amahleza lapha.
PHOYISA 2: Inkulumo yenu siyiqophe yonke. Akukho ukuphika manje. Ofuna ukuphika uzophikisana nesiqophamazwi enkantolo.
PHOYISA 3: (Limthinta ehlombe.) Wenze umsebenzi oncomekayo Adolf. Bonke ubufakazi sinabo manje. Ngisho namakhamera alapha ehhotela awubufakazi bokuthi lo mgulukudu ubekuthengisela amadayimane ngokungemthetho.
KK: Angenziwa kanjalo mina Adolf. Usuzinciphisele izinsuku zakho emhlabeni ngokungithengisa kula madoda.
PHOYISA 1: Lo mlomo wakho omude awunakukusiza ngalutho. Konke okushoyo siyakuqopha, kuzosiza ekwakheni ubufakazi bokuthi ungatholi ngisho nebheyili.
(Ahambe nabo amaphoyisa esebafake amasongo kaSigonyela bobabili.)
- Type
- Chapter
- Information
- Iqonde Kuphi le Ndlela? , pp. 177 - 180Publisher: University of South AfricaPrint publication year: 2012