17 - Isigcawu seshumi nesikhombisa
Published online by Cambridge University Press: 11 November 2021
Summary
(Amaphoyisa alandela uMzwakhe oya efulethini likaZama.)
LEFTHENENTI: (Ekhuluma ocingweni.) Madoda, ngabe nikuphi njengamanje?
PHOYISA 1: (Liphendula.) Sikulo mgwaqo onguthelawayeka obheke eThekwini, uN2.
LEFTHENENTI: Hawu madoda! Nathunywa eNiniva kodwa nashona eTharashishi? Nichazelwe kahle ukuthi uMzwakhe nizomthola eSikhawini. Nidukile yini? Angithi benginazisile ukuthi uSayitsheni Zondi nguyena ozonisiza ukuze nikwazi ukuthola lapho uMzwakhe ehlala khona.
PHOYISA 1: USayitsheni Zondi usitshele ukuthi namhlanje uMzwakhe uzoya eThekwini efulethini lentombi yakhe asola ukuthi isithole elinye isoka. Kuthiwa ufuna ukubulala lowo muntu azothola ukuthi nguyena omthathele intombi yakhe.
LEFTHENENTI: Ukuphi yena uMzwakhe sikhuluma nje?
PHOYISA 2: Sisezithendeni zakhe. Silandela imoto ahamba ngayo.
LEFTHENENTI: Kuzwakala sengathi yonke into ihamba kahle. Angivale ucingo ukuze ningaze niphazamiseke. (Avale ucingo.)
(Kusefulethini likaZama. UMzwakhe usevele wangena ngaphakathi esebenzisa isikhiye ayesisebenzisa uma evakashile. Amaphoyisa angenisane naye.)
PHOYISA 1: Ungabe usanyakaza. Uma uke wathi nyaka kuzoduma izulu lezandla sigelekeqe ndini!
MZWAKHE: (Ekhala.) Madoda ngenzeni? Mina ngivakashele intombi yami lapha.
PHOYISA 2: Thula sikhohlakali ndini! Kanti nawe uyakwesaba ukufa? Thwala izandla ekhanda bese ubheka lena. (Enze njengoba kushiwo.)
PHOYISA 1: (Limfaka ozankosi.) UKK uzokujabulela ukukubona, kade akugcina.
MZWAKHE: (Esakhala.) Angimazi lo KK enikhuluma ngaye.
PHOYISA 2: (Limbhuqa.) Hho, kusho ukuthi wazi uSpider noLumumba kuphela.
MZWAKHE: (Ziyime emthumeni.) Nab… Usho uSpid… Angibazi lab… Mina … mi…
PHOYISA 1: Awukubheke, kuhluleka ukukhuluma manje. (Limdonsa.) Shesha sigebengu sihambe. Isikhathi sihambile, iseyinde indlela.
(Baphume bahambe naye elokhu eciphiza izinyembezi.)
- Type
- Chapter
- Information
- Iqonde Kuphi le Ndlela? , pp. 185 - 188Publisher: University of South AfricaPrint publication year: 2012