5 - Isigcawu sesihlanu
Published online by Cambridge University Press: 11 November 2021
Summary
(UKK uhlela ukubhoma umuzi kaMartha. Lokhu ukuhlela noGoba owazi kabanzi ngeziqhumane.)
KK: (Eme emnyango.) Ungangena Mnumzane Goba. Ungazinaki, ngeke zikulume izinja.
GOBA: Khululeka ndodana, izinja ngizijwayele. Angizesabi.
KK: Angizukuchitha sikhathi, kubi. Kunento engifuna ukuyenza masinyane ngaphambi kokuba izinto zonakale.
GOBA: Ngizwile uma ngikhuluma nawe ocingweni ukuthi awumnandi. Kungimangazile nokungifonela kwakho, phela kade sagcina ukukhuluma. Kwenzenjani?
KK: Ngifuna umuntu onolwazi lweziqhumane, umakadebona ekusetshenzisweni kwazo. Nguwena kuphela ofike engqondweni yami.
GOBA: Hha, mina mfana ayikho into engingayazi ngeziqhumane. Angithi usayikhumbula imibhoshongo emithathu yemboni yakwaSmith & Nephew ePhayindane?
KK: Ngiyayikhumbula, kodwa sengathi ayisekho manje. Kwenzakalani ngayo?
GOBA: Awazi? Leyo mibhoshongo yabhidlizwa yabekwa phansi. Uthi uyazibuka nje izindaba wena KK? Ukubhidlizwa kwayo kwaze kwavezwa nakulolu hlelo lwezindaba ezisematheni KwaZulu-Natali. Uhlelo lelo lwaziwa ngokuthi yiKZN Tonight.
KK: Ngalo msebenzi umuntu awenzayo uhlala esendleleni. Asikho kahle isikhathi sokuhlala phambi kukamabonakude.
GOBA: Ngangingomunye wabantu ababehola ithimba elalihlela ukubhidlizwa kwaleyo mibhoshongo. Abezindaba baze bangifaka imibuzo ngalowo msebenzi. Mina lo, ngavela kumabonakude osukwini olungaphambi kokubhidlizwa kwayo.
KK: Ngiyakuzwa konke okushoyo. Engikucela kuwe ukuba ungitholele iziqhumane masinyane. Kunomuzi okumele uqhunyiswe ngaphambi kokuba izinto zonakale. Inkinga nje ukuthi nawe awusasebenzi kule mboni yeziqhumane. Uyazi-ke nawe ukuthi iziqhumane ngeke uzithenge noma yikanjani njengoba usuke uthenga isinkwa esitolo.
GOBA: Kunjalo. Ngeke umane usuke uye esitolo uthi uyothenga iziqhumane ube ungabhalisile ngokusemthethweni njengomuntu onesitifiketi sokusebenza ngeziqhumane.
KK: Pho uzozithola kanjani?
GOBA: Noma ngingasasebenzi khona kodwa bakhona ozakwethu abasasebenza. Uma nje singanikeza abafana imadlana yokuzijabulisa bangazikhipha beshesha. Emva kwalokho uzobe usungazisa ukuthi yimuphi lo muzi okumele uqhunyiswe.
KK: Angifuni ukuba kubhidlike indlu nje kuphela. Ngifuna kufe yonke into yakhona nabo bonke abantu bakhona, kuvalwe ngehlahla. Ungizwa kahle? Ngifuna kufe kwasani; isimbamgodi sakhona, inja, ikati, igundane, iphela, ngisho nentuthwane imbala. Uzofuna malini?
GOBA: Ungangishaya kuphela ngezinkulungwane eziyikhulu zamarandi.
(Epaki lasedolobheni, uKK ukhuluma noGoba ngomsebenzi awenze kahle wokuqhumisa umuzi kaMartha.)
KK: Ngedlule ngakuleya ndlu namhlanje ekuseni. Cha, ngizibonele ukuthi wenze into yamehlo izolo. Thatha nansi imvilophu enemali yakho.
GOBA: Ngibonga kakhulu mfana wami. Kuhle-ke uma ujabule ngomsebenzi engiwenzile.
KK: Asehlukane manje, ungeke uze wazi mhlawumbe kukhona abasibhekile. Mina sengahlala ngibhekwe amaphoyisa ngaso sonke isikhathi. Uhambe kahle Mnumzane Goba.
(Kuseyikhona epaki lasedolobheni. UKK weneme, udla amathambo engqondo. Kusenjalo kukhale umakhalekhukhwini wakhe.)
MARTHA: (Ekhuluma ocingweni ngaphambi kokuba azibike uKK.) Kunjani weKK?
KK: Ubani lo okhulumayo?
MARTHA: Akusona isipoki lesi okhuluma naso. UMartha nezinqotho zakhe.
KK: (Abheke lapho okuye ngakhona uGoba. Uselibele nokuthi kukhona akhuluma naye ocingweni.) Iphi le nja? Ngizoyibulala nya.
- Type
- Chapter
- Information
- Iqonde Kuphi le Ndlela? , pp. 137 - 142Publisher: University of South AfricaPrint publication year: 2012