7 - Isigcawu sesikhombisa
Published online by Cambridge University Press: 11 November 2021
Summary
(Kukwabra KK, umsebenzi wokwakha imali yomgunyathi uhamba kahle.)
KK: Kuhamba kanjani Spider?
SPIDER: Uhulazo luhamba kahle bra KK. Buka nje amakhathoni esengiwagcwalisile.
KK: Ngiyabona ukuthi wena Spider uyasebenza. Ngeke kusalunga manje uma u-Adolf ethumela umuntu kanye ngesonto ukulanda le mali. Kungangcono uma ingahamba kabili noma kathathu ngesonto. Ngizotshela uMzwakhe ukuba asize naye ekuthuthweni kwemali. Ungazisile ukuthi usebuyile eKapa.
SPIDER: Ngibone le ntombazane yakubo izolo. Ingitshele ukuthi vele usebuyile.
(UKK avele ashayele uMzwakhe ucingo.)
KK: (Ekhuluma kumakhalekhukhwini.) Hheyi, kunjani Mzwakhe?
MZWAKHE: Ngiyaphila bra KK.
KK: Khehla la my laaitie, ngifuna ukukhuluma nawe.
MZWAKHE: Kulungile, ngiyeza njengamanje nje.
(Emva kwesikhashana atheleke uMzwakhe.)
KK: Ngifuna ukuba usize ekudiliveni la mabhokisi emali apakishwa nguSpider. Uzowahambisa kuleli kheli laseYeoville, eGoli. Wena ukhaliphile, ngeke ulahleke.
MZWAKHE: Angeke ngize ngilahleke. Kudala ngigudla izintaba.
(Ahambe uMzwakhe eseqedile noKK.)
- Type
- Chapter
- Information
- Iqonde Kuphi le Ndlela? , pp. 107 - 108Publisher: University of South AfricaPrint publication year: 2012