Skip to main content Accessibility help
×
Hostname: page-component-77c89778f8-rkxrd Total loading time: 0 Render date: 2024-07-19T15:39:33.213Z Has data issue: false hasContentIssue false

9 - Isigcawu sesishiyagalolunye

Published online by Cambridge University Press:  11 November 2021

Get access

Summary

(UPhiri ushayela uSayitsheni Zondi ucingo, umpimpa uKK.)

UMAMUKELI: (Ephendula ucingo.) Sawubona, uNokuthula Mazibuko lapho okwamukelwa khona abantu esiteshini samaphoyisa saseRichards Bay.

PHIRI: Yebo, sawubona sisi. Kanti kuseReception lapho? Bengithi le nombolo izongifaka ngqo kulo sayitsheni engifuna ukukhuluma naye.

UMAMUKELI: Ubufuna ukukhuluma namuphi usayitsheni?

PHIRI: Bengifuna ukukhuluma noSayitsheni Zondi. Ungangedlulisela kuyena?

UMAMUKELI: Angiyiboni inkinga bhuti. Ungabamba, sengikwedlulisela ehhovisi lakhe.

ZONDI: (Ephendula ucingo.) USayitsheni Zondi okhulumayo. Ngingakusiza?

PHIRI: Sawubona sayitsheni. Angiqale ngokuzethula. Mina nginguBhazuka Phiri. Ngishaya ngiseBotswana. Ngisebenza eDiamonds Are Forever Country Lodge lapho ngingumantshingelane khona.

ZONDI: Ungadinwa Mnumzane Phiri. Umuntu umatasatasa lapha. Kunesigebengu esesikhathaze kabi kabi. Manje umuntu usesebenza ngaphansi kwengcindezi. Umphathisiteshi ufuna ukuba siqoqe bonke ubufakazi obungenza lo muntu agcine esevalelwe. Ngalokho-ke ngizokucela ukuba ube mfuphi kulolo daba lwakho. Ushaya nje bese ngithi ngiyaphuma.

PHIRI: Ngiyezwa sayitsheni. Kodwa angicabangi ukuthi kukhona umgulukudu eniwufunayo odlula lona engizokutshela ngawo manje.

ZONDI: Ake ngikunikeze isikhathi uthi ukwenaba mfo kaPhiri.

PHIRI: Mina ngikhuluma ngezigebengu ezishushumbisa umthunzi wezinkukhu, izidakamizwa ezinjengecocaine, mandrax neheroine. Akugcini lapho, zisebenza nangemali yomgunyathi, izibhamu kanye nangezimoto zokwebiwa.

ZONDI: Mfo kaPhiri, ake ngithi ukutshela engizohamba nabo ukuthi abangilinde kancane. (Amemeze.) WeMthombeni! Ake ungitshelele uXimba noXulu ukuba bake bathi ukungilinda kancane, kunodaba olubalulekile engisephezu kwalo njengamanje. (Abuyele kuPhiri.) Izinhlobo zobugebengu ongitshela ngazo zifana ncamashi nobugebengu obenziwa yilezi zigebengu esifuna ukuzibopha.

PHIRI: (Athi ukushaya isikhwehlela.) Okunguyena ohamba phambili ngulona owaziwa ngelikaKK, kulandele abasizi bakhe okungoMzwakhe Mbatha, uSpider, uNkosi kanye noLumumba. Kukhona ngisho nephoyisa, uMaziya. Nguyena onikezela ngayo yonke imininingwane eyenza ukuba uKK angabambeki kulobu bugebengu bakhe.

ZONDI: Njengoba ngithi ngiyaphuthuma sizama ukuqoqa ubufakazi ngoKK. Lo muntu usesehlule izikhathi eziningi. Nabantu esethembele kubona ukuthi bangaba ofakazi bavele banyamalale, uzwe kuthiwa sebeshonile. Wena-ke ungakwazi yini ukuma enkantolo wethule ubufakazi obungabopha lo muntu?

PHIRI: Angimesabi nakancane mina loKK wakhona.

ZONDI: Okunye futhi, ukuthi njengoba ungitshela lonke lolu lwazi kusobala ukuthi nawe uke wasebenzisana naye uKK ezenzweni zenkohlakalo. Lokho kungase kufake nawe engozini yokuba ubhadle ejele.

PHIRI: Ngikwazi kahle kamhlophe lokho Sayitsheni Zondi.

ZONDI: Kuhle-ke ndoda uma ukwazi lokho. Ongitshele kona kubukeka kungaphezu kwamandla ethu thina maphoyisa endawo. Ubugebengu bukaKK buhamba buze bunqamule amazwe ngamazwe. Lolu daba umphathi wesiteshi sethu uzolwethula kwabakhulu. Okusho ukuthi kuzothintwa amaHawks, bese wona exhumana namaphoyisa ophiko lobugebengu obusezingeni eliphezulu kuwo wonke amazwe lo KK eke wenza imigilingwane yakhe khona.

PHIRI: Ngiyezwa sayitsheni. Noma ngingaboshwa mina akunandaba, vele izinkinga zingiqaqele ikhanda. Anginalutho engingathi ngiluhlalele lapha ngaphandle.

ZONDI: Ungakhulumi kanjalo ndoda. Ngicabanga ukuthi unalo ithuba lokuphunyuka kuyona yonke le nyakanyaka.

Type
Chapter
Information
Publisher: University of South Africa
Print publication year: 2012

Access options

Get access to the full version of this content by using one of the access options below. (Log in options will check for institutional or personal access. Content may require purchase if you do not have access.)

Save book to Kindle

To save this book to your Kindle, first ensure coreplatform@cambridge.org is added to your Approved Personal Document E-mail List under your Personal Document Settings on the Manage Your Content and Devices page of your Amazon account. Then enter the ‘name’ part of your Kindle email address below. Find out more about saving to your Kindle.

Note you can select to save to either the @free.kindle.com or @kindle.com variations. ‘@free.kindle.com’ emails are free but can only be saved to your device when it is connected to wi-fi. ‘@kindle.com’ emails can be delivered even when you are not connected to wi-fi, but note that service fees apply.

Find out more about the Kindle Personal Document Service.

Available formats
×

Save book to Dropbox

To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Dropbox.

Available formats
×

Save book to Google Drive

To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Google Drive.

Available formats
×