Skip to main content Accessibility help
×
Hostname: page-component-848d4c4894-p2v8j Total loading time: 0.001 Render date: 2024-06-01T18:22:22.230Z Has data issue: false hasContentIssue false

9 - Umcabango wasekuseni

Published online by Cambridge University Press:  01 September 2022

B. W. Vilakazi
Affiliation:
University of the Witwatersrand, Johannesburg
Get access

Summary

Sizukulwane sosizi,

Nin’ enihulelwe phansi

Yizinkambiso zomhlaba –

Bhekani nank’ amathunzi

Angigubuzele njalo,

Edatshulwa ngamazibu

Akhombis’ ukuth’ umhlaba

Unokwaw’ ukuphenduka.

Ziyadlul’ izinto zonke,

Akukho busuku bumi,

Kumelwe kuphum’ ilanga.

Nomuthi kakhukhunathi

Unobud’ obungayiwa,

UMninimandlawonke

Uyawuboph’ enhlamvini

Encanyan’ eyisigubhu,

Kuth’ izithombo zokhula

Nokuhluma kway’ imbuya,

Kusheshe ngommangaliso.

Hlalani nigozobele,

Nilindele amathuba

Omthunz’ oqabulisayo.

Nisukume ngale nkathi

OPhezul’ ayimisile

Ngesakh’ isikhathi wathi:

“Niyosukuma ninqobe

Ukuphenduka konyaka

Nokugubhuka kolwandle.”

Izigigaba zomuntu,

Kuyo yonk’ impilo yakhe,

Ziphethwe uSimakade

Okumise ngamathuba

Konk’ ukuhamba komuntu.

Mhla sizalwa sazalelwa

Ubunzima nezimiso

Ezingenakuguquka,

Kuthi lowo nayilowo

Asin’ adedel’ abanye,

Abedlulela phambili

Laph’ engazi ndlela khona

KwaNganekwan’ ingaxoxwa.

Kaningi ngibon’ ukuwa

Kwamakhos’ ekhulekelwa,

Nabanumzane bebusa,

Nezicebi zithokoza,

Namakhosan’ edl’ amafa;

Yebo, bewa bengavuki.

Ngiye ngibon’ esontweni

Laph’ ubuk’ emangcwabeni,

Umhlabath’ ufana wonke

Wembes’ indoda nomfazi

Nensizwa namaqhikiza,

Kungekho mehluko ndawo.

Phezulu kushay’ umoya

Nokuthul’ okuphezwa

Zinyoni zemini yodwa

Nezikhova zobusuku.

Sebakhuluma bayala

Basitshela ngokukholwa.

Lowo mnyam’ esiwubona

Sibhacisa ngaw’ ububi,

Yimizindlo yokwesaba

Ebalekel’ ukulunga;

Yiz’ izithombo zokhula

Nameva emihluhluwe

Abhangazel’ ukukhula.

Kufik’ ilanga lishise,

Kepha leyo mith’ emkhulu

Iqhekeza njal’ ithunzi,

Ingenisa inkanyiso yelanga.

Type
Chapter
Information
Inkondlo kaZulu , pp. 41 - 44
Publisher: Wits University Press
Print publication year: 2021

Access options

Get access to the full version of this content by using one of the access options below. (Log in options will check for institutional or personal access. Content may require purchase if you do not have access.)

Save book to Kindle

To save this book to your Kindle, first ensure coreplatform@cambridge.org is added to your Approved Personal Document E-mail List under your Personal Document Settings on the Manage Your Content and Devices page of your Amazon account. Then enter the ‘name’ part of your Kindle email address below. Find out more about saving to your Kindle.

Note you can select to save to either the @free.kindle.com or @kindle.com variations. ‘@free.kindle.com’ emails are free but can only be saved to your device when it is connected to wi-fi. ‘@kindle.com’ emails can be delivered even when you are not connected to wi-fi, but note that service fees apply.

Find out more about the Kindle Personal Document Service.

Available formats
×

Save book to Dropbox

To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Dropbox.

Available formats
×

Save book to Google Drive

To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Google Drive.

Available formats
×