13 - Isigcawu seshumi nantathu
Published online by Cambridge University Press: 11 November 2021
Summary
(Efulethini, uZama udliwa umzwangedwa. Kusenjalo kufika umngani wakhe u-Ayanda.)
ZAMA: (Usezwa ukungqongqoza emnyango.) Ngiyeza, ubani lowo?
Ayanda: (Ephendula.) Vula mngani wami. Yimina u-Ayanda.
ZAMA: (Evula umnyango.) Ngena Ayanda.
AYANDA: Sengingqongqoze isikhathi eside. Ngicishe ngahamba sengicabanga ukuthi akunamuntu. Yini ekwenza ukuba uphuze ukuphendula ngoba nomculo owudlalayo ukhalela phansi?
ZAMA: (Emomotheka.) Kufana nokuthi bekungekho muntu lapha efulethini. Ingqondo yami ibivakashele kwenye indawo engingayazi nami.
AYANDA: Uma ngikubona umomotheka kanjena kusho ukuthi weneme. UMzwakhe noma ilecturer?
ZAMA: Lutho. Angithi uyazi ukuthi ngithole umfundaze ozonginikeza ngisho imali yokuhlangabezana nezidingo zempilo.
Ayanda: (Ehleka.) Mngani wami, angithi uyazi ukuthi amanga awahlangani neqiniso?
ZAMA: Uqonde ukuthini?
AYANDA: Ungakhohlwa ukuthi benginawe ngesikhathi uthola incwadi ekubikela ukuthi uthole umfundaze. Yebo, ubujabule kodwa awuzange uhanjelwe yingqondo njengoba uchaza manje. UMzwakhe noma uRomeo?
ZAMA: Niyazithanda izindaba zabantu we-Ayanda!
AYANDA: Uyambona phela nawe uRomeo ukuthi insizwa ziphelele. Ukube bekuyimina lona amfuna phansi phezulu bengingeke ngilokhu ngicucuza ngiqhenya into engingayazi ukuthi ibheke kuphi. Bengizovele ngimqome engakaqedi nokuphimisela elokuthi uyangithanda. Ubezothi esathi ngiyakutha… Ngivele ngithi sithandwa sami sengithanda wena wedwa kulo mhlaba, akekho omunye ngaphandle kwakho.
ZAMA: Umenzenjani lona othandana naye neninomlando osuka kude?
AYANDA: Ubeyozibona ukuqeda. Bengizobe ngiya kwanhliziyo ngise. Ucabanga ukuthi uma yena selumfikele uthando lomunye umuntu wesifazane uzobe elokhu ecabanga ngomlando wenu? Musa ukuzenza isilima wena Zama. Awubazi yini abantu besilisa? Angithi uke wangixoxela ukuthi uMzwakhe uke wathandana nosisi othize. Yini engamvimbela ukuba aphinde athande enye intombazane?
ZAMA: Uthando lweqiniso yilona kuphela olwenza ukuba umuntu anqobe izilingo.
AYANDA: Yiqiniso elimsulwa lelo mngani wami. Ngalikhumbula leli gama. UMzwakhe wayesakuthanda ngokweqiniso uma elingwa nguNomonde? Ngeke ngize ngikufihlele mngani wami, naye wayemthanda.
ZAMA: Yini ngisole sengathi usukhulumela uRomeo nje mngani wami? Ngabe ukuthengile, kukhona akwethembise kona?
AYANDA: Cha akunjalo. Ukuthi angifuni ukuba uzilahlekisele okukhona ngokungekho.
ZAMA: Umuntu angazi kanjani ukuthi ukuthandana noRomeo kungaba ukuthola okuyikho? Amadoda ayafana. NakuMzwakhe yonke into yayihamba kahle ngaphambi kokufika kukaNomonde.
AYANDA: Uyazikhohlisa mngani wami. Uma ngihlaziya zonke izinto owangixoxela zona uMzwakhe akakaze afanelane nawe. Ukuthi inkungu yothando ibikuvale amehlo. Kuthe ngci izimbici kuwena. Ithuba lokuguqula impilo yakho unalo. Nangu uRomeo ethi qithi kuhle kwemana. Mamukele ngazo zombili ntombazane.
ZAMA: Ngiyakuzwa ukuthi uyakhuluma mngani wami.
AYANDA: Ngeke ngize ngikulahlise mina. Ukuba bengingathandi ukuba uphumelele bengizothi khohlwa uRomeo ukuze mina ngizisondeze kuyena bese ngikwephuca iqatha emlonyeni. (Kukhale ucingo, avele alubuke esebiphe sengathi ubephuza inhlaba.) Naso-ke leso sicefe somfana. Angazi nokuthi inombolo yami sayinikezwa ngubani.
ZAMA: Hawu! Ngeke uliphendule yini?
AYANDA: Anginaso isikhathi sokudlala mina.
- Type
- Chapter
- Information
- Iqonde Kuphi le Ndlela? , pp. 169 - 172Publisher: University of South AfricaPrint publication year: 2012