18 - Isigcawu seshumi nesishiyagalombili
Published online by Cambridge University Press: 11 November 2021
Summary
(Sekuphele unyaka kuqulwa amacala oKK bona belokhu betokile. Ijaji selikhipha isigwebo.)
JAJI: Umsolwa wokuqala, uKhumbulani Kheswa, ugwetshwa ukudonsa iminyaka eyikhulu ejele. Isigwebo sakhe sizohamba ubusuku nemini. Ngeke aze awuthole ushwele. Uzosidonsa asiqede sonke isigwebo sakhe. Kuzoba kanjalo nakumsolwa wesibili uMzwakhe Mbatha. Yena-ke uzodonsa iminyaka engamashumi amathathu nanhlanu. Abanye abasolwa ngokulandelana kwabo bazodonsa izigwebo zabo ngendlela eyahlukile kulaba ababili. Bona bangakhululwa emva kokuba sebedonse ingxenye embili yokokuthathu yezigwebo zabo uma bekhombisa inguquko egculisayo ezimilweni zabo. USpider uzodonsa …
THANDI: (Empongoloza.) Maye! Ngizoba yini Nkosi yami?
JAJI: Ngicela ukuba nikhiphe le ntombazane iyokhalela ngaphandle ngoba iphazamisa ukusebenza kwenkantolo.
PHOYISA: (Limdonsela ngaphandle.) Kwenzenjani ngane yami? Uyawazi yini la madoda asebhokisini?
THANDI: (Ebibitheka.) Ngeke ngiphinde ngimbone ubhuti wami. Ugwetshwe iminyaka eminingi.
PHOYISA: Ungabe usakhala. Ukukhala ngeke kusasiza manje. Xolisa inhliziyo mntanami. Zibhajwa kweziwudlayo mntanami!
(Angabe esabuyela enkantolo uThandi, avele ahambe.)
- Type
- Chapter
- Information
- Iqonde Kuphi le Ndlela? , pp. 189 - 190Publisher: University of South AfricaPrint publication year: 2012