10 - Isigcawu seshumi
Published online by Cambridge University Press: 11 November 2021
Summary
(Ubra KK ukhuluma noMzwakhe ngodaba lokuyolanda amadayimane eBotswana.)
KK: Kuhle-ke my laaitie uma esevumile umuntu wakho ukuhamba nawe ukuya eBotswana. Yena kumele ahlale azi ukuthi uvakashisiwe kanti wena uzobe uhambe ngomsebenzi wokwenza imali.
MZWAKHE: Angeke nje azi ukuthi ngiyamsebenzisa. Angithi senzela ukuthi lapho esobe sibhukhe khona bacabange ukuthi siyizithandani ezizishayelwa umoya.
KK: Uyayithanda ngempela le ntombi yakho mfana wami?
MZWAKHE: Akukona ukuthi ngiyayithanda, kodwa angeke ngikwazi ukuphila impilo enokujabula ngaphandle kukaZama.
KK: Usemncane mfana wami. Mhla kwaqina ukhakhayi uzoqondisisa kahle ukuthi ayikho le nto kamathandana. Umuntu wesifazane kumele
umjabulele okwangaleso sikhathi esephambi kwakho. Uma eke wasithela ukhohlwe nguyena. Bayizinyoka abantu besifazane mfana wami. Balala bephenduka.
MZWAKHE: Kodwa uZama bra KK akalona lolu hlobo lomuntu wesifazane okhuluma ngalo. Mina noZama savumelana ukuthi siyofa silahlane.
KK: (Ehleka kakhulu.) Kumnyama ebusweni benkawu. My laaitie, all women are the same. Lo Zama wakho ngabe yena yedwa wavelaphi njengoba engafani nabanye abantu besifazane nje?
MZWAKHE: Anginandaba ukuthi abantu bathini. UZama ngiyamthanda futhi ngiyamthemba.
KK: Ungamthemba mfana wami. Uhambe naye wonke umhlaba, uma nje engakuphazamisi emsebenzini wakho. (Akhulume ngomsebenzi.) Kulolu hambo lwaseBotswana uzokwenza umsebenzi obucayi kabi.
MZWAKHE: Yini le enzima okuzomele ngiyenze?
KK: Uzobuya namadayimane. Intombi yakho yona akumele yazi nakancane ukuthi uzokwenza lo mshikashika.
MZWAKHE: Khululeka ngalokho bra KK. Vele nami angithandi ukuba azi ngezindlela zami zobumnyama. Uma kungenzeka azi, bungachitheka bugayiwe. Nami-ke angeke ngize ngithande ukulahlekelwa nguZama.
KK: Namanje ngisasho, kulele kunye lapha kuwe ukube kubili ngabe kuyavusana. Angisazi nokuthi ngingathini. Inhliziyo yakho yonke uyiphe lo Zama wakho. Asethembe ukuthi kuyohlala kumnandi nize nehlukaniswe yigodi njengoba nifisa.
(Avalelise uMzwakhe sebeqedile ukukhuluma. Abuyele ekhaya.)
- Type
- Chapter
- Information
- Iqonde Kuphi le Ndlela? , pp. 43 - 46Publisher: University of South AfricaPrint publication year: 2012