10 - Isigcawu seshumi
Published online by Cambridge University Press: 11 November 2021
Summary
(UMzwakhe ubonana noSayitsheni Zondi esiteshini samaphoyisa.)
MZWAKHE: Sayitsheni, ngilapha nje ngoba udadewethu engitshele ukuthi ufike ekhaya ungifuna.
ZONDI: Impela kunjalo. Besithole isicelo esiphuma emaphoyiseni aseSwazini sokuba uphenywe mayelana newashi elibhalwe igama lakho kanye nekheli lakini esinqeni salo. Lelo washi latholakala esikhungweni esigcina izimoto ezebiwe nesiseduze nesinye isiteshi samaphoyisa akhona.
MZWAKHE: (Ethukile.) Ngifunga ngiyagomela sayitsheni, angazi ukuthi iwashi lami lafika kanjani lapho. Angeke ngiqambe amanga, ngike ngaba nalo iwashi elibhalwe igama lami kanye nekheli lakithi esinqeni salo. Lelo washi lagcina lingilahlekele.
ZONDI: Khululeka mfana wami. Ubufakazi bakamuva bubonisa ngokusobala ukuthi wena awuhlangene nakancane nokushiswa kwalezo zimoto.
Usetholakele umuntu oyisakhamuzi sakhona osolwa ngesenzo leso. Vele lo muntu uke waboshwa eminyakeni eyedlule mayelana namacala okususa imililo yequbula.
MZWAKHE: Ngiyabonga sayitsheni wami.
ZONDI: Ungahamba manje. Uziphathe kahle mfana wami.
(UMzwakhe aphume ehhovisi likaZondi ejabulile. Usejahe ukuyoxoxela uKK ngokuphunyuka kwakhe.)
MZWAKHE: Sesibonene noSayitsheni Zondi.
KK: Ihambe kanjani ingxoxo yenu?
MZWAKHE: Kukhona into engimangazile.
KK: Yini leyo?
MZWAKHE: Ungitshele ukuthi angikhohlwe ngecala laseSwazini ngoba sebemtholile umuntu abamsola ngokuthi nguyena owashisa izimoto. Phela ngazi kahle nje ukuthi yimina lo owashisa izimoto.
KK: (Emangele.) Utheni ngokutholakala kwewashi lakho khona kuleyo ndawo?
MZWAKHE: Ngimtshele ukuthi iwashi langilahlekela kudala. Angazi ukuthi lafika kanjani eSwazini lapho. Uvele wakhombisa ukungikholwa uma ngimtshela lokho.
KK: (Ehleka.) Awumazi wena ukuthi uyisiphukuphuku kangakanani uSayitsheni Zondi! OZondi laba amaphoyisa azogcina
ngokubopha abantu abaphuza utshwala ezindaweni zomphakathi. Ngeke nje aze akwazi ukuxazulula amacala obugebengu obufana nalobu esibenzayo.
MZWAKHE: Bra KK, uchaza ukuthi angikhululeke?
KK: Yizwa ngami wena. Leli cala alisekho.
(Avalelise uMzwakhe, aphume ahambe.)
- Type
- Chapter
- Information
- Iqonde Kuphi le Ndlela? , pp. 159 - 162Publisher: University of South AfricaPrint publication year: 2012