7 - Isigcawu sesikhombisa
Published online by Cambridge University Press: 11 November 2021
Summary
(UThandi noMzwakhe bazihlalele ekhaya kusihlwa, bayazixoxela nje.)
THANDI: Bhuti, izolo ngibone usisi uZama esontweni.
MZWAKHE: Utheni, ushilo ukuthi ubokhonza?
THANDI: Yebo ushilo, kodwa elokukhonza alibalulekile kangako. Into engithathile ngosisi uZama yindlela abegqoke ngayo.
MZWAKHE: Ubegqoke kanjani?
THANDI: Ubegqoke kahle, egqoke izimpahla ezimfanelayo, futhi zihambelana kahle kusuka esicathulweni kuze kufike emgexweni kanye nasemacicini imbala.
MZWAKHE: Ubunesikhathi-ke sokumbuka.
THANDI: Vele izimpahla abezigqokile zifuna ube nesikhathi esanele ozosichitha uzitika ngamehlo ukuze ubone kahle ubuhle bazo.
MZWAKHE: Kube kuhle uma umbuke wayithanda indlela abeswenke ngayo.
THANDI: Esontweni bese ngifisa ukuba inkonzo ingaphela masinyane khona ngizothola ithuba lokuyokhuluma naye ukuze ngimncome, ezokwazi ukuthi impahla yakhe iyamsetha.
MZWAKHE: Waze waqephuza bo! Umuntu angafunga ukuthi kukhuluma omdala umuntu lo.
THANDI: Bhuti wami, ngingaba mncane ngokweminyaka yokuzalwa, kodwa ngokwazi ukotini angeke ungilokothe.
MZWAKHE: Usisi wami omncane lowo uma ngabe awumazi. Uyabona Thandi, uma ubungakacabangi ukuthi ufuna ukwenzani uma usuphase umatikuletsheni, mina ngingakubonisa.
THANDI: Ubungathanda ukuba ngenzeni?
MZWAKHE: Fashion design and modeling.
THANDI: (Ememeza.) Wuu! Wazi kanjani galajana ndini?
MZWAKHE: Ingani uqeda ukungitshela ukuthi ikhono lakho lilele kuphi.
THANDI: Ungathi uyabhula. Kunesikole esiseGoli esaziwa ngokuthi Sidl’ Ingqephu Fashion Design & Modeling Institute. Sifundisa ngokuthungwa kanye nokukhangiswa kwengqephu. Nokuthi ungabasiza kanjani abantu ukuba bagqoke ngendlela eyamukelekile ezimweni ezahlukene, phecelezi image consulting.
MZWAKHE: Wasithola kanjani-ke lesi sikole maqinase?
THANDI: Ngasithola ku-inthanethi ngokuba ngiye kuGoogle ngesikhathi ngiphenya ngamakolishi aphambili afundisa ngengqephu.
(UThandi agcine esebanjwe ubuthongo. Avalelise eseyolala. NoMzwakhe avele aye ekamelweni lakhe.)
- Type
- Chapter
- Information
- Iqonde Kuphi le Ndlela? , pp. 29 - 32Publisher: University of South AfricaPrint publication year: 2012