7 - Isigcawu sesikhombisa
Published online by Cambridge University Press: 11 November 2021
Summary
(UMzwakhe uphumelele kahle kumatikuletsheni. Uhlangana noMandla bayaxoxa.)
MZWAKHE: Mehlo madala bhuti. Usaphila?
MANDLA: Hawu! Kunjani Mzwakhe? Usukhule kangaka mfana wami! Umuntu udlala ukushisa kwaKwaZulu. Selokhu ngifikile lihlala likhipha umkhovu etsheni.
MZWAKHE: Ukushisa kwalapha sekwaba amahlalakhona.
MANDLA: Ngilibele ukukhuluma ngokubasela kwelanga ngabe ngikubuza ngezinto ezibalulekile. Njengo…
MZWAKHE: (Emphazamisa ngoba efuna ukwazi kabanzi.) Ngabe ubhuti uqondeni uma ekhuluma ngezinto ezibalulekile?
MANDLA: Mfana wami, ngingakayi ukuyosebenza eGoli ngangikubona ungumfana ohloniphayo nozimisele ukuba utho empilweni. Ngakho-ke bengihlala nginethemba lokuthi ngelinye ilanga uzokwazi ukuvusa umuzi kababa wakho.
MZWAKHE: Ngiyawabonga amazwi akho bhuti Mandla. Ayangigqugquzela ukuba ngibhukule ngibe yindoda enekusasa eliqhakazile.
MANDLA: Kuhle uma usenayo injongo yokuphumelela empilweni. Awusho-ke, usafunda noma usuyasebenza?
MZWAKHE: Ngiqede izifundo zikamatikuletsheni ngonyaka odlule. Ngingasho ngingahlonizi ukuthi ngiphumelele kahle ngoba ezifundweni ezine ngiphumelele ngamalengiso.
MANDLA: Njengoba siya ekupheleni kwenyanga yokuqala onyakeni uzimisele ngokwenzani kulo nyaka?
MZWAKHE: Unzima kabi lo mbuzo wakho. Njengoba nawe usazi isimo sasekhaya ukuthi sidla imbuya ngothi, ayikho imali yokuqhubeka nezifundo zami. Okwamanje nginokubamba itoho lokushayela amatekisi alo bhuti owaziwa ngelikaKK. Ngicabanga ukuthi uyamazi lo muntu engikhuluma ngaye.
MANDLA: (Lehle izwi ngenxa yokudumala.) Hawu mfana wami! Ngiyamazi lo muntu okhuluma ngaye. Seziningi izindaba engizifunde ngaye emaphephandabeni esolwa ngobugebengu obahlukahlukene. Noma-ke engakaze aboshelwe nelilodwa icala kulawa asolwa ukuthi uwenzile, mina ngingakweluleka nje ngokuba wehlukane naye. Futhi udume kabi ngokusebenzisa izingane zesikole ebugebengwini abenzayo.
MZWAKHE: Ngizophila ngani uma ngiyeka ukushayela amatekisi kaKK?
MANDLA: Konje ubufunda ziphi izifundo kumatikuletsheni? Yiziphi lezi othi uphumelele kuzona ngamalengiso?
Mzwakhe Bengisemkhakheni wezohwebo. Engiziphumelele ngamalengiso isiZulu, iMaths, i-Accounting kanye neTechnology.
MANDLA: Ungayeka yini ukusebenzela uKK uma ngingase ngikuzamele itoho? Futhi ungakwazi yini ukusebenza kwesinye isifundazwe njengesaseNtshonalanga Koloni?
MZWAKHE: Ngingaya yinoma kuphi lapho engingathola khona amasentshana angangiphilisa.
MANDLA: Ngizokuzamela kwenye yezinkampani esedolobheni laseKapa esisebenzisana nayo. Bangitshele ukuthi bafuna abantu abazosebenza okwesikhashana ngenkathi kwenziwa ucwaningo lwemakethe egxile kuyona le nkampani. Ngikhuluma ngalokhu abakubiza ngolimi lwesiNgisi ngokuthi imarket research.
MZWAKHE: Ngingakujabulela ukuyosebenza eKapa. Njengoba bengishilo, ngingaya noma yikuphi ukwenza isimo sempilo sibe ngcono.
(UMandla athathe yonke imininingwane yokuxhumana noMzwakhe bese beyahlukana.)
- Type
- Chapter
- Information
- Iqonde Kuphi le Ndlela? , pp. 75 - 78Publisher: University of South AfricaPrint publication year: 2012