8 - Isigcawu sesishiyagalombili
Published online by Cambridge University Press: 11 November 2021
Summary
(UMzwakhe uvakashele uZama baxoxa ezabo zothando.)
ZAMA: (Ezwa ukungqongqoza emnyango.) Ubani lowo? Kuvuliwe, ngena.
MZWAKHE: Yimina bo! Vele sengingaphakathi.
ZAMA: Kudala ngikulindile. Ubulibele kuphi sonke lesi sikhathi?
MZWAKHE: Ngilitshaziswe ngomunye ubhuti wasesitaladini sethu.
ZAMA: Ubani-ke lowo bhuti ongabizwa ngegama lakhe?
MZWAKHE: Ngeke umazi ubhuti uMandla wena. Akajwayele ukuba khona lapha elokishini. Isikhathi esiningi usuke eseGoli lapho esebenza khona.
ZAMA: Benixoxa ziphi-ke nobhuti uMandla?
MZWAKHE: Sixoxe ngezinto eziningi. Okubaluleke kakhulu ukuthi uthe uzongizamela umsebenzi wesikhashana kwenye yezinkampani efuna abantu abazosiza ekwenzeni ucwaningo ngemakethe yale nkampani.
ZAMA: Ikuphi yona le nkampani okhuluma ngayo?
MZWAKHE: Izinze eKapa.
ZAMA: (Emangala.) EKapa! Mina ngizosala nobani?
MZWAKHE: (Emehlisa umoya.) Ungathuki, uma kwenzeka ngihamba ngizohamba izinyanga zibe yisithupha kuphela. Nawe ngaleso sikhathi uzobe ususenyuvesi eThekwini. Imali engizoyihola lapho izosiza ukukhokhela izindleko zakho zesikole, futhi isisize ukuba sithenge nezimpahla zomntwana uma esezelwe.
ZAMA: Angithi wena wawuvele uthembisile ukuthi uzozikhokhela zonke lezo zindleko ungakahlangani nobhuti uMandla? Pho ubuzoyithathaphi imali yokwenza konke obungithembise kona?
MZWAKHE: Inkinga ukuthi ubra KK usawumisile umsebenzi okwamanje. Ngikhuluma nawe nje usathe shelele ngasePitoli. Angazi ukuthi uzobuya nini. Angahamba izinyanga ezimbili noma ngaphezulu. Uma-ke ngiyeka ithuba lokuthola lo msebenzi kabhuti uMandla ngiyobe ngizigwaze ngowami ngoba angazi ukuthi imali izovela kuphi kulezi zinyanga ezimbalwa engekho uKK.
ZAMA: Usebenza kanjani uKK uma umsebenzi wakhe uvele umiswe esithubeni kungenzekanga lutho? Angiyiyeke leyo ngoba ngiyazi ukuthi izosixabanisa. Mayelana neKapa, noma ngingathandi ngizovuma ukuba uhambe uyosebenza khona ngoba usungitshela ngezindleko. Asethembe ukuthi osisi baseKapa ngeke bangithathele wena.
(UMzwakhe avalelise ahambe.)
- Type
- Chapter
- Information
- Iqonde Kuphi le Ndlela? , pp. 79 - 82Publisher: University of South AfricaPrint publication year: 2012