3 - Isigcawu sesithathu
Published online by Cambridge University Press: 11 November 2021
Summary
(Kusesikoleni lapho kufunda khona uMzwakhe noZama. USipho noThemba bakhuluma ngoZama.)
THEMBA: Sayitsheni, kodwa uyayibona le thekeni enguZama ukuthi iwugesi?
SIPHO: Ngiyayibona, ukuthi iyanginyanyisa ngoba ithanda ukuzifonela.
THEMBA: Angazi ukuthi ngingenwe yini mfowethu. UZama ngimthanda ehamba, ehleka ngisho noma ethukuthele imbala. Uyaye umbone uma ethukuthele emva kokuba bemgconile ekilasini? Uvele abe muhle kakhulu kunakuqala. Ngiyakutshela, ayikho intombazane enhle njengaye lapha esikoleni.
SIPHO: Hhayi bo! Ngiyakukhuza mngani wami. Kumele uze lapha esikoleni ngoba uzofunda nje kuphela. Awukho emfuleni lapho uzobona khona izintombi zizokukha amanzi bese uthola ithuba lokweshela. Ubaba wakho angaphatheka kabi uma ezwa ukuthi usuphenduke isoka esikhundleni sokunakana nezincwadi zakho.
THEMBA: Wena usho ngoba ungazi ukuthi kunjani ukuthanda umuntu.
SIPHO: Angithi uyazi ukuthi lo Zama osangana ngaye kangaka usha amashushu ngoMzwakhe? Sengathi sengiyabona usuxhifizwa nguMzwakhe.
THEMBA: Ubani, mina ngishaywe nguMzwakhe? Ungabona amehlo esibungu. UZama yena, uyangisanganisa. Lokhu okunguMzwakhe ngeke kwenze lutho ngalokho. Sengicabange kahle, ngizokhuluma naye uZama kusasa.
SIPHO: (Embhuqa.) Nginecebo lapha Mthimbane. Kuzodingeka ukuba uqale kuMzwakhe, umcele ukuba akusize ngamazwi ozokwehlula ngawo uZama.
THEMBA: Qhubeka nje wena nokungithatha kancane. UZama yena uzongiqoma, ethanda engathandi.
(Aqhamuke uMzwakhe ezihambela kancane, kubonakala ukuthi udla amathambo engqondo.) SIPHO: Eyi, kunjani Mzwakhe? Wahamba sengathi kukhona okukudlayo nje. Ukhumbule ukuthi okwehlula amadoda kuyabikwa.
MZWAKHE: Hheyi nina hlukanani nami. Khona nginezinkinga ngingabikela nina lezi zidididi. (Aqhubeke ehamba ecabanga aze aphimisele.) Indaba kabra KK sengifuna ukuyehla manje. Yithina esenza ubugebengu. Yena uvela ngoba esezothola imali eningi ebe engenzanga lutho, kade ehleli dekle! Inkinga nje ukuthi uma ngiyeka ukumsebenzela sizophila ngani ekhaya? UThandi yena uzofundiswa ngubani? NoZama futhi angagcina eseqome omunye umuntu uma sengihlala ngingenayo imali yokumjabulisa. Ngiyazikhohlisa, ngeke ngize ngikwazi ukuhlukana nobra KK.
(Abuyele ekilasini emva kokukhala kwensimbi yokuphetha isikhathi sekhefu.)
- Type
- Chapter
- Information
- Iqonde Kuphi le Ndlela? , pp. 9 - 12Publisher: University of South AfricaPrint publication year: 2012