Skip to main content Accessibility help
×
Hostname: page-component-77c89778f8-7drxs Total loading time: 0 Render date: 2024-07-19T15:30:46.339Z Has data issue: false hasContentIssue false

6 - Isigcawu sesithupha

Published online by Cambridge University Press:  11 November 2021

Get access

Summary

(UKK uhlaselwa amaphoyisa. Amphenya ngokukhiqiza imali yomgunyathi.)

ZONDI: (Engqongqoza.) Sanibonani endlini.

KK: (Ezovula umnyango.) Ubani-ke lowo ongihlasela ekuseni kangaka? Kanti nguwena Sayitsheni Zondi, ungangena.

ZONDI: (Ekhuluma engena.) Yebo, yimina uSayitsheni Zondi. (Bahlale phansi.) Laba ozakwethu engihamba nabo bangoConstable Ximba kanye noXulu. (Ebakhomba.)

KK: Ngiyabonga sayitsheni ukungazisa oConstable Ximba noXulu. Nginganipha isiphuzo ngaphambi kokuba nibike udaba enize ngalo?

ZONDI: Siyabonga KK. Iziphuzo zizosichithela isikhathi. Umsebenzi esinawo mningi kabi. Usibona silapha nje sisaphuthuma eNseleni. Kungakuhle sigxile kulokho okusilethe lapha.

ZONDI: KK, sizwe ngandlebenye ukuthi wena ukhiqiza imali yomgunyathi. Njengoba wazi-ke nawe kuyicala elinzima kabi ukuzenzela imali engekho emthethweni. Umphathisiteshi uthe uma ezwa lezo zinsolo wavele waluthathela phezulu lolu daba.

KK: Ngiyezwa sayitsheni. Impela lembula ingubo lingene. Angikaze ngicabange ukuthi ngingasolelwa ukukhiqiza imalimbumbulu. Abantu abanitshele lokho abangithandi. Banomhobholo wokuthi izinto zami zingihambela kahle. Kodwa-ke, njengoba wazi nawe sayitsheni abaqali ukungisukela. Kukangaki nje ungiphenya ngezinsolo ezahlukene kodwa bungabibikho ubufakazi bazo?

ZONDI: Asingagxili kulokho. Okumele sikwenze njengamanje ukuba siseshe wonke umuzi ukuthola ukuthi nembala lezo zinsolo azinasisekelo na.

KK: Ngizocela imvume enigunyaza ukuba niseshe.

ZONDI: Usho entshweni. (Amnikeze.) Nayi isearch warrant esigunyazayo.

KK: (Eseyifundile.) Khululekani niseshe nigcine la nithanda khona.

(Endleleni, uXimba noXulu bavumelana ngokuthi kungenzeka ukuthi uyasukelwa uKK emva kokuba beseshe indlu yakhe abangathola lutho.)

XIMBA: Kanti uphi lo mshini okuthiwa uKK wenza ngawo imali ngoba mina ngibone ikhompyutha, ifeksi kanye nomshini wokufothokhopha?

Xulu: Nami iyangimangaza le ndaba. Ngabe uqinisile uKK uma ethi abantu bahlale bezama ukumbheca ngobende inyama engayidlanga?

ZONDI: Nina anazi lutho. Niseyizingane kulo msebenzi wobuphoyisa.

XIMBA: (Ecasukile.) Wena-ke sayitsheni osumnkantshubomvu ubona ukuthi le ndoda iyakwenza ngempela lokhu esolwa ngakho?

ZONDI: Yehlisa umoya mfanakithi. Engizama ukukusho ukuthi nina animqondi kahle uKK. Lo muntu uhlakaniphe uqedile. Uyabona, ukuza kwethu kwakhe ubesazi kahle kamhlophe ngakho. Uvele nje waqoqa yonke into engaba ubufakazi wayifihla lapho kwazi khona yena yedwa. Lo mshini esiwufunayo kade ewushushumbisile.

XIMBA: Angiyikholwa indaba yokuthi akazi ukuthi uSpider ukuphi nezwe.

ZONDI: Uqinisile Ximba. Ngingemangale ukuthi lapho ekhona uSpider usaqhubeka nokusebenzisa lo mshini esiwufunayo.

Xulu: Kuyacaca ukuthi uKK kufanele aphenywe ngamaphoyisa ophiko olusebenza ngobugebengu obusezingeni eliphezulu.

ZONDI: Nazo-ke, ngishilo ekuqaleni ukuthi nina aniqondi ukuthi niphenya umuntu onjani. Uma uphenya icala elifaka uKK phakathi usuke uhlangane nezimbila zithutha ziholwa ngemhlophe phambili.

XIMBA: Usungaze usichaze kanjalo lesi simo sayitsheni? Usho ukuthi akukho phoyisa eliyokwazi ukugaxa uKK amasongo kaSigonyela?

Type
Chapter
Information
Publisher: University of South Africa
Print publication year: 2012

Access options

Get access to the full version of this content by using one of the access options below. (Log in options will check for institutional or personal access. Content may require purchase if you do not have access.)

Save book to Kindle

To save this book to your Kindle, first ensure coreplatform@cambridge.org is added to your Approved Personal Document E-mail List under your Personal Document Settings on the Manage Your Content and Devices page of your Amazon account. Then enter the ‘name’ part of your Kindle email address below. Find out more about saving to your Kindle.

Note you can select to save to either the @free.kindle.com or @kindle.com variations. ‘@free.kindle.com’ emails are free but can only be saved to your device when it is connected to wi-fi. ‘@kindle.com’ emails can be delivered even when you are not connected to wi-fi, but note that service fees apply.

Find out more about the Kindle Personal Document Service.

Available formats
×

Save book to Dropbox

To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Dropbox.

Available formats
×

Save book to Google Drive

To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Google Drive.

Available formats
×