1 - Isigcawu sokuqala
Published online by Cambridge University Press: 11 November 2021
Summary
(UMzwakhe usemotweni, kusenjalo abambe ucingo oluphuma kubra KK.)
MZWAKHE: Yebo, kunjani bra KK?
KK: Ngiyaphila my laaitie. Ubusuwenzile umsebenzi?
MZWAKHE: Ngiwuqedile bra KK. Njengamanje ngiyolanda izimpahla zami ehhotela bese ngingena indlela.
KK: Lalela-ke, uzophuma ngale ndlela edlula eSwazini ngoba kunomsebenzi engifuna ungenzele wona ebusuku banamhlanje.
MZWAKHE: Msebenzi muni lowo?
KK: ULumumba kufanele aye kule ntuthu yaseSwazini kusasa mayelana naleli lahle abanjwa ehamba ngalo.
MZWAKHE: Manje mina ngingasiza kanjani ecaleni likaLumumba?
KK: Thula ulalele. Uzoya kuleli kamu lamaphoyisa olibona uma uqeda ukungena emngceleni waseSwazini. Emva kwaleso siteshi samaphoyisa kunenqwaba yezimoto zokwebiwa ezipakwe khona. Nale uLumumba abanjwe eyishayela ikanye nazo lezo zimoto. Ngifuna ukuba zishiswe zonke lezo zimoto.
MZWAKHE: Yini indaba ufuna ukuba zishiswe izimoto?
KK: Kukhona izidakamizwa ezishuthekwe esondweni eliyisipele laleyo moto. Uma kungenzeka amaphoyisa azithole uLumumba angaboshwa izandla nezinyawo singaphinde simbone.
MZWAKHE: Pho yini indaba ngingakhiphi izidakamizwa esondweni lelo kunokuba ngishise zonke izimoto?
KK: Ngeke uze ukwazi ukuzikhipha ngoba kuzomele uqhaqhe isipele. Ukwenza njalo kuzokuthatha isikhathi, ungaze ugcine usubanjiwe nawe.
MZWAKHE: Bra KK, mina ngiyibona isafana le nto ngoba vele uLumumba ubekwe icala lokweba imoto.
KK: Lelo-ke lilula kabi ngoba nginomuntu wami osebenza khona ophikweni lokwebiwa kwezimoto. Inkinga isophikweni lwezidakamizwa ngoba kuthiwa amaphoyia akhona ala ukhasha. Ngeke uze ukwazi ukuwagwazela. Yingakho-ke lezi zimoto kumele zingqongqe. Siyezwana mfana wami?
MZWAKHE: Kunjengoba usho sikhulu sami.
(Bavelelisane.)
- Type
- Chapter
- Information
- Iqonde Kuphi le Ndlela? , pp. 15 - 16Publisher: University of South AfricaPrint publication year: 2012