1 - Isigcawu sokuqala
Published online by Cambridge University Press: 11 November 2021
Summary
(UMzwakhe noThandi baxoxa ngesimo sakubo kanye nokukhulelwa kukaZama.)
THANDI: Bhuti, angazi ukuthi ngabe siphila kanjani ukube awukwazi ukuthenga ukudla nogesi, uphinde ungikhokhele esikoleni.
MZWAKHE: (Ethukuthele.) Kuyaye kuthiwe amachwane enyoka ayazibonela uma esezelwe. Nathi lapha ekhaya saqalekiswa ngokuba sibe ngamachwane enyoka.
(UThandi azibonele ukuthi umfula usuqala ukudla izindwani. Abone kungcono ukuba bayiyeke le ngxoxo.)
THANDI: Unalo kodwa ulwazi lokuthi usisi uZama uzobeletha nini?
MZWAKHE: Cishe kuyoba ekupheleni kukaMeyi wonyaka ozayo.
THANDI: Thina-ke ebesizibukela sikude asicabangi ukuthi ubaba womntwana kaZama kungaba ngomunye umuntu ngaphandle kwakho. Wena ubona kanjani?
MZWAKHE: Nami ngibona kanjalo. Ukuthi phela umuntu uba novadlwana ngoba izinto ziyenzeka lapha emhlabeni.
THANDI: Kahle bo bhuti! Ucabanga ukuthi kungenzeka kube yilokhu enikubiza ngokuthi ukugqokiswa injiva?
MZWAKHE: Noma uZama ngimthemba, kodwa ngike ngafikelwa umqondo wokuthi kuthathwe igazi liyohlolwa elebhu ukuze ngibe nesiqiniseko sokuthi ingane ngeyami ngempela.
THANDI: Uke wacabanga ukwenza ipartenity test? Uyazi ukuthi lowo mcabango kungenzeka udale uqhekeko phakathi kwakho noZama? Umuntu wesifazane akathandi ukuba ungabaze ngothando analo ngawe. Angisayiphathi-ke eyokucabanga ukuthi ingane ayizele kungenzeka kungabi ngeyakho.
MZWAKHE: Mina angiyiboni inkinga uma umuntu ezethemba ukuthi akanaso isimilo esintengantengayo.
THANDI: Njengoba bengishilo, inhlolo yokuqinisekisa ukuthi ungubaba womntwana ngempela ingagcina ngokuba inihlukanise.
MZWAKHE: Angingazikhathazi ngale nto. Vele umntwana ozozalwa uzobe engowakwaShandu. Usathane nje lo ongenza ngidlinze ngokubi.
THANDI: Ngiyajabula uma usukubona lokho. (Aguqule ingxoxo.) Ake ngibuze ngokwenzeke emini.
MZWAKHE: Kwenzekeni?
THANDI: Ngizwe ngandlebenye ukuthi wena ungqimuze uSipho wamlahla phansi ngesiqhwiza umentshisi.
MZWAKHE: Bengimshayela le ngqondo yakhe ebhedayo.
THANDI: Kuthiwa ingane yabantu ivuvukele kabi ebusweni. Amehlo awaboni kahle, ubuka lufifi kuhle okwemvukuzane.
MZWAKHE: Lowo angikamshayi, siyeza isikhathi sakhe lapho ngizommuhluza khona aze aphaphame kwamhlophe qwa amashidi asesibhedlela.
THANDI: (Ethukile.) Ubobhasobha bhuti, ungalimazi abanye abantwana ngoba uzoboshwa.
(UMzwakhe atshele udadewabo ukuthi kukhona lapho aphuthuma khona. Aphume ahambe.)
- Type
- Chapter
- Information
- Iqonde Kuphi le Ndlela? , pp. 55 - 58Publisher: University of South AfricaPrint publication year: 2012