Skip to main content Accessibility help
×
Hostname: page-component-77c89778f8-m8s7h Total loading time: 0 Render date: 2024-07-21T19:18:08.401Z Has data issue: false hasContentIssue false

Inkundla Yesithupha

Published online by Cambridge University Press:  01 September 2022

Get access

Summary

Isigcawu 1

(Kuthe ngakusasa ebusuku oDingane noMhlangana noMbopha baphenduka, kwathi emva kancane kwamabili babetheleka ebukhosini.)

UDingane: Mbopha, hamba phambili uyobona ukuthi ubani osesangweni.

UMbopha: Ndabezitha !

UGqayinyanga: Hawu, nalapha nonke, ubani osempini?

UMbopha: Khulumela phansisonke nobani?

UGqayinyanga: NoJeqe ulapha.

UMbopha: Kwakuhle ngamthola, silapha nje ngizofuna yena, usidukele ebusuku izolo, base bethi abantwana angizomfuna.

UGqayinyanga: Uthini okaSithayi?

UMbopha: Thula uze ufe wethu, ngizongena ngentuba namabutho amabili engihamba nawo ukuze ngimjume abone sesiselawini lakhe.

(aphindele emuva)

UDingane: Kunjani?

UMbopha: UJeqe ulapha.

Bobabili: Ubani?

UMbopha: Usefikile, manje sizokwenzenjani?

UMhlangana: Nakho phela ukulanda kukaMbopha.

UDingane: Kahle mfowethu ukusifaka amanzi emadolweni; akummango ungenaliba, futhi akusekho ukuya emuva. Kuhle singalali ngaphakathi emzini wenkosi, kufanele siyofuna ingosi ngasesizibeni esigeza inkosi lapho kuphuma ilanga. Ngoba wena Mbopha ugqayinyanga usekubonile, kuzoba kuhle uyobona uMkabayi umbikele lenkinga esikuyo, mhlawumbe yena angalenza isu lokwehlukanisa uShaka noJeqe, ukuze inyamazane siyifice indle. Kulungile uyosifica enqabeni.

UMbopha: Lapha kulele khona isilo awasondeli amanketshane kodwa kulula ukuba iwundlu lifumane isikhundla.

UMhlangana: Uqinisile uMbopha, kufanele kungene uDingane.

UDingane: Kulungile bafowethu, ngilindeni lapha.

(angene)

Isigcawu 2

(Athi thwayi thwayi uDingane ebange elawini likaMkabayi, asho azithele phezu kwenceku.)

Inceku: Zibike! (kuthi nya) Zibike!

UDingane: OweZulu. (enyenyeza)

lnceku: Awu, dlula zinyane.

UDingane: Baba, baba, baba.

UMkabayi: Ubani lowo?

UDingane: Yimi baba. (athi lungu uMkabayi)

UMkabayi: Kahle ngiyeza khona lapho. (umzuzwana) Kunjani ndodana usuzongibelethisa ithunga yini?

UDingane: Sisebunzimeni obukhulu baba, uJeqe sizwa ukuthi usebuyile, okusho ukuthi kuzoba lukhuni ukuthola inkosi ngoba uzohamba nayo uma isiyogeza.

UMkabayi: Ungesabi Dingane, kusasa inkosi izobe yelashwa inyanga yayo enkulu lapha ekhaya; izongeniswa esibayeni ihlanziselwe khona nje-ngoba ubona izinkomo zilaliswe ngaphandle nje.

UDingane: UJeqe?

UMkabay:i: Suka Dingane, musa ukuba yivaka kangaka, nakuba uJeqe efanele ukuphalaza ne nkosi, akakwazi ukuvela ayolashwa engazange ayidle imithi ethile angakwazanga ukuyidla njengoba efika manje ebusuku, akakwazi futhi ukuyongena esibayeni nenkosi hleze ayeleke ngesithunzi esibi; inkosi iyovuka nenyanga yayo kuphela okuzobe kuyiyona ephethe ukhamba lwayo.

UDingane: Sizomthatha umgqaka baba, kulungile sengiyobonana noMhlangana.

UMkabayi: Ungazithatheli izinto phezulu Dingane, lalela ngikutshele. Nizongena niyobhaca emva kwesibaya; ningangeni kodwa inyanga ize ichele. Yothi ingachela ningene nibande ngezimpundu zesango, ingene qede isihola inkosi, nigxume niphonseke phakathi kwabo, uMbopha avele ngemuva amgwaze. Amehlo amhlophe.

UDingane: Jama! (Aphume ayobikela oMbopha bese beyolungisela ukuyobhaca njengoba eshilo uMkabayi)

Isigcawu 3

(Elawini lenkosi kukhona yona inkosi nenyanga yayo.)

UShaka: Sekuyikho khukhuva?

Type
Chapter
Information
Ukufa kukaShaka , pp. 53 - 58
Publisher: Wits University Press
Print publication year: 2021

Access options

Get access to the full version of this content by using one of the access options below. (Log in options will check for institutional or personal access. Content may require purchase if you do not have access.)

Save book to Kindle

To save this book to your Kindle, first ensure coreplatform@cambridge.org is added to your Approved Personal Document E-mail List under your Personal Document Settings on the Manage Your Content and Devices page of your Amazon account. Then enter the ‘name’ part of your Kindle email address below. Find out more about saving to your Kindle.

Note you can select to save to either the @free.kindle.com or @kindle.com variations. ‘@free.kindle.com’ emails are free but can only be saved to your device when it is connected to wi-fi. ‘@kindle.com’ emails can be delivered even when you are not connected to wi-fi, but note that service fees apply.

Find out more about the Kindle Personal Document Service.

Available formats
×

Save book to Dropbox

To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Dropbox.

Available formats
×

Save book to Google Drive

To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Google Drive.

Available formats
×