Skip to main content Accessibility help
×
Hostname: page-component-77c89778f8-vsgnj Total loading time: 0 Render date: 2024-07-21T00:59:53.104Z Has data issue: false hasContentIssue false

Inkundla Yesine

Published online by Cambridge University Press:  01 September 2022

Get access

Summary

Isigcawu 1

(UDingane uhambela uMbopha.)

UDingane: Wena kaSithayi!

UMbopha: Mntwana! Ngahanjelwa aban-genhla?

UDingane: Ngikuthwalele inkululeko ngeqoma, qhawe lakithi. Uma singanqobi loluvalo esihlezi kulo angiliboni iqholo elikhulu esinganalouvalo Mbopha luzalwa ukungazi ukuthi umuntu uzokwenzenjani ukuze akhululeke; namhla nje ngikulethele ikhubalo elizokunika ithuba lokuzikhethela ubuqhawe noma ubugwala, lo kuzikhethela ubunumzane noma ubufokazana, lokuziqokela ubumpohlo noma ukuganwa, lokuziqokela ukuzikhulumela noma ukufa; inku luleko okuyiyonayona ileyo ekunika ithuba lokwenza konke okuhle okuncomekayo, okungashazi inkululeko yabanye.

UMbopha: Kukhona yini lapho ukufa kungekho khona? Angithi izwe lonke elikaShaka?

UDingane: Angisho ukuthi asibaleke kwaZulu, ngithi asizikhulule silapha ngaphakathi.

UMbopha: Sikhasele eziko?

UDingane: Lokhu engikushoyo angidlali ngakho. Uyambona umfowethu useqome ukuqotha imbokodo nesisekelo, usemqedile uZulu, uselufuze lo nke ubonda ebesibande ngao, usephenyele izitha amabheshu ethu-zonke izizwe ziqaphile zithi je ‘kuke kwathi fithi ziyosibhangqa nemithi ngamaklwa’-luphi uxolo? Kuphi ukuthula? Ziphi izinsizwa? Amanqe asekhuluphele ase cwazimula. Sigqila, awazi ukuthi labo abafuna inkululeko bafanele bazigalelele bona mathu pha? (kuqhamuke uMhlangana)

UMbopha: Bathini abanye abantwana?

UMhlangana: Wena wesilo! (ekhuleka emnyango)

UDingane:. Ngena mfowethu, injobo ithungelwa ebandla.

UMhlangana: Ngingakusiza ngani mfowethu. ngikhala amanzi njengengcuba?

UDingane: Izwi lomfokazana ilumbo, mfowethu. Wena thatha nampu ubukhosi bukaZulu.

UMhlangana: Uze ubone inqe lihluthuke intamo?

UDingane: Nasi isifuba?

Bobabili: Elethu.

UDingane: Bafowethu, sekuze kwakaningana ngithi ngiyalala ngibone obabamkhulu, abaphansi behlubule, begqunqe bemnyama befana nezulu lihlomile.

UMhlangana: Bakhulume nawe?

UDingane: Bangathi vu, bangibuke bangibuke banikine amakhanda bashingile bahambe. Emva kokuba behambile kuqhamuke ithala lemikhonto lize libheke kimi, lithi uma liphezu kwami lime bese lishabalala.

Bobabili: Ngabe kusho ukuthini lokho?

UDingane: Angazi nami, ngithe uma ngilethula kuMkabayi leliphupho lamethusa naye kakhulu; kwangethusa kakhulu ukuzwa ukuthi leliphupho yilo elalihlupha uSigujana, Jimbikela amanqe ayemzulela agcina emdlile.

Bobabili: Mhi!

UDingane: Ukuba lamanqe azulela mina ngedwa ngabe angizihluphi, kodwa ngoba azulela uMhlangana noMbopha noDingane nesizwe sonke sikaZulu ngikhala ezimathonsi, kepha ukukhala akusizi ngisho olunci, okuzosisiza ukuba selekelele uShaka ekuqotheni kwakhe imbokodo, hayi isisekelo ngoba yisona esokwakhela phezu kwaso isizwe senkululeko.

UMbopha: E!

UDingane: Ukungabaza wena kaSithayi yikona okusenza sehluleke ngoba kusithena amandla okulinga. Ngiyazi wena ungatshaziswa ukuthi ngeke waphendukela umngane wakho inkosi, niyathandana uma usho.

UMbopha: Mhi?

UDingane: Uthi uthando Mbopha ukuguqela enye indoda namhla amadolo ehuzukile, evuvukele; ukwethemba enye indoda noma unembeza engeneme, noma izwe lonke lithi ayethembekile, ayilungile? Mina ngithi ubugwala lobo, futhi angisho ukuthi uma umuntu nithandana naye angakucacisa eweni azi kahle ukuthi uma uke wathi nje, singoma.

Type
Chapter
Information
Ukufa kukaShaka , pp. 33 - 44
Publisher: Wits University Press
Print publication year: 2021

Access options

Get access to the full version of this content by using one of the access options below. (Log in options will check for institutional or personal access. Content may require purchase if you do not have access.)

Save book to Kindle

To save this book to your Kindle, first ensure coreplatform@cambridge.org is added to your Approved Personal Document E-mail List under your Personal Document Settings on the Manage Your Content and Devices page of your Amazon account. Then enter the ‘name’ part of your Kindle email address below. Find out more about saving to your Kindle.

Note you can select to save to either the @free.kindle.com or @kindle.com variations. ‘@free.kindle.com’ emails are free but can only be saved to your device when it is connected to wi-fi. ‘@kindle.com’ emails can be delivered even when you are not connected to wi-fi, but note that service fees apply.

Find out more about the Kindle Personal Document Service.

Available formats
×

Save book to Dropbox

To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Dropbox.

Available formats
×

Save book to Google Drive

To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Google Drive.

Available formats
×