Skip to main content Accessibility help
×
Hostname: page-component-77c89778f8-7drxs Total loading time: 0 Render date: 2024-07-21T14:46:48.231Z Has data issue: false hasContentIssue false

Inkundla Yokuqala

Published online by Cambridge University Press:  01 September 2022

Get access

Summary

Isigcawu 1

(UMkabayi uhlezi noDingane elawini lakhe, izinduna ziphandle kodwa ziyawuhosha umoya.)

UMkabayi: Nkosi kaZulu yoselwa, alishoni elake labona izizwe zibhokodana ngemikhonto, kanti futhi ayikho inkosi engahlonishwa abantu bayo ngoba beyesaba, kepha kufanele bayikhonze ukuze kuthi noma zimbiwe insele bangawuhloleli umbuso wayo.

UDingane: Amanga Jama!

UMkabayi: Uyayibona Dingane imizi yezifunda ngezifunda iphenduka amanxiwa; uyasibona isizwe sakithi siphela: izintombi zijendeviswa, izinsizwa. zithenwa, amakhehla nezalukazi kuthiwa akuganane kuzale kwandise isizwe? Yeka ngekhaba lesizwe elicekelwa phansi kungakabikho mmbila kusezimpepha, amadoda nabafazi abathenelwa phansi. Amasimu Dingane aphenduka amafusi, izwe liphenduka ihlane, abantu sekuyizimamba nezilo. Nithule nithini Dingane? Ningamadoda ngoba nilengise amalengisi? Angiphenduk’ indoda yini?

UDingane: Ungcede uthumela indlovu Jama.

UMkabayi: Alikho elinye ithuba ongathatha ngalo ubukhosi Dingane, uduze indlu kaZulu, uyenze incomeke nawe unethezeke.

UDingane: Jama!

UMkabayi: Sukujama Dingane; isilonda sika-Zulu siyabhibha, uZulu uselindele ihawu elisha. Zifudumele izandla oyokwemukelwa ngazo, libanzi iphiko engiyokwefukamela ngalo. Akukukhala lokhu, isililo.

UDingane: Ja… Ja… Ja…

UMkabayi: Ubani ongacwasa abaphansi angakuhloniphi? Ubani ongakumonazela wena angakuhloniphi? Lobu bunswelaboya Dingane buyashaqisa. Asimzondi obekwe abaphansi kodwa kuyisiphosiso ukubukela iqhude elithi ilanga liphumela ukuba lizwiwe likikiliga. Dingane!

(Asho aphonseke phandle.)

Isigcawu 2

(UJeqe umi esangweni ulindele izwi lenkosi.)

lnceku: Mfo kaButhelezi ithi inkosi ingakuzwa.

UJeqe: ‘UNodumehlezi kaMenzi, Inyon’ edl’ ezinye, Ilembe eleqa amany’ amalembe; Intaba lemahwanqa kaMjokwane Ebingadli nkomo, Ebingadli mihlambi yezinyamazane; Idl’ amaphiva namashongololo. Uve olubomvu Kanti lunhloko eluthuli, Seludlalela phezu kukaSobhuza.’

UShaka: Uwe nebala. Jeqe, ngena.

UJeqe: Ngonyama ! Ngizokubhekelwa ngubani ngingazi noma umphumela wodaba ebingikhiphe ngalo ingonyama ufezeke ngakho yini?

UShaka: He-He-He! Wakhuluma Jeqe, ngena ngizwe ukuthi ungigodleleni, gwala ndini.

UJeqe: Zul’ eliphezulu, izikhali zami zisele ebaThenjini, ngikhulekela ukuba iNgonyama ivele, ingibheke, ngife; awukho umnyezane oyodlula lowo.

UShaka: Uthini uJeqe mfowethu?

UDingane: Jama! Ayikho inja eluma isandla esiyiphakelayo. Ithi ingwazi yakithi vela ikukhethele, ikukhombise ukuthi izwi lakho lifakeni esikhwapheni sayo. (Baphume beme phandle.)

UJeqe: Nodumehlezi kaMenzi! Nakho okuncane engikuphosa esivivaneni sezwe, ngehlulekile baba, angizitholanga izinkabi ezituluzelayo ongazisika izihlangu zisikeke, labogondo yizona zinkabi zasebaThenjini. Ndabezitha!

UShaka: Uma kuyimixhopho yasebaThenjini lena, kufanele kengithumele ibutho keliyongondlela khona. Uthini Dingane?

UDingane: Elakho lonke izwe Senzangakhona.

UShaka: Kade ngakubona Jeqe ukuthi uyindoda emadodeni.

UJeqe: Nkosi! Sikhonela wena. (Bangene endlini.)

UShaka: Awulande Jeqe.

UJeqe: Ndabezitha ! Emva kwezinsuku ezintathu safinyelela kwelabafokazana, saziqhuba izinkomo libalele nasebukhweni bezinja; sathi ngoba singalandelwa muntu ibanga elide sazikhohlisa ngokuthi lelizwe alinamadoda, lineminqolo; kanti, Nkosi, sizishaya ngemfe iphindiwe ngoba banele babona izihlangu zethu nomkhonto wethu owodwa, babona ukuthi uZulu, Bayihlomisa.

Type
Chapter
Information
Ukufa kukaShaka , pp. 1 - 10
Publisher: Wits University Press
Print publication year: 2021

Access options

Get access to the full version of this content by using one of the access options below. (Log in options will check for institutional or personal access. Content may require purchase if you do not have access.)

Save book to Kindle

To save this book to your Kindle, first ensure coreplatform@cambridge.org is added to your Approved Personal Document E-mail List under your Personal Document Settings on the Manage Your Content and Devices page of your Amazon account. Then enter the ‘name’ part of your Kindle email address below. Find out more about saving to your Kindle.

Note you can select to save to either the @free.kindle.com or @kindle.com variations. ‘@free.kindle.com’ emails are free but can only be saved to your device when it is connected to wi-fi. ‘@kindle.com’ emails can be delivered even when you are not connected to wi-fi, but note that service fees apply.

Find out more about the Kindle Personal Document Service.

Available formats
×

Save book to Dropbox

To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Dropbox.

Available formats
×

Save book to Google Drive

To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Google Drive.

Available formats
×